16/06/2025
Sibingelele egameni Lokukhanya ☀️ Elokuhlonipha 🤝 no Thando ❤️.
Intsha ka 1976 Siyoyibonga unaphakade 🙏 futhi Siyoyibungaza unaphakade 🙌👏 Sinconcoza asiphethi ♋🔁♾️!
Ubumbano hhayi inhlangano nje... I S'gade Umzila Sibungaze Usuku Lwabantu abasha hhayi ngomlilo kodwa Abantu abasha Bango 1976 ngokuthi Sinamathisele ama Phosta (posters) Akwa SANCA okuyinhlangano elwisana nezidakwamizwa nokusetsheziswa kwezidakamizwa emphakathini Okuqukethwe Ama Phosta (posters) ulwazi Olunohlonze Oluqwashisayo futhi Olwakhayo Okuse mqoka kakhulu ukuthi batholakala kanjani ukuze usizakale Uma usuzimisele futhi usuhlelile!
Siyi S'gade Umzila Sizoqhubeka ukubungaza inyanga yabantu Abasha Ngokuthi Sinamathisele Lama Phosta (posters) Akwa SANCA ukuthi Siqwashise futhi ukuthi osofuna ukusizakala abenazo izindlela zokuxhumana no Sonhlala Kahle Bakwa SANCA .
Emphakathini sicela ukwesekwa ngokuthi Avikele ama posters esizo wanamathisela ezitolo Kanye ngokuthi u Share I post mhlambe ozosizakala ukwi wall yakho Kanti nawe UNGA print Izithombe unamathisele ngase stolo sangakini ukuthi sikhululeke kudinga ukuthi sisebenze ngokubambisana .
Asiphile Siphilisane , Sinothise Imiqondo Sinothise Izimpilo,AKUKHANYE☀️🌙✨🔥