26/02/2018
Date : 26 February 2018
Our Ref : Article 9/2018
Your Ref : Bayede Newspaper
Bayede Newspaper
Att: Mr Lindani Buthelezi and Mr Mtaka
Re: Umbhalo wesishiyagalombili – Adv. Hlengiwe Mkhasibe
Isihloko: Umthetho Wodlame Lwasekhaya Inombolo 116 we 1998 – Domestic Violence Act 116 of 1998
Ngeviki eledlule siqalise ngokuxoxa ngoMthetho obhekelene nodlame wlasekhaya kanye nobukhona kweziNkantolo ezisebenza ngaloluhlobo lwamacala.
Okubalulekile sikuqonde ngukuthi baningi kakhulu abantu abathintekayo nabalimalayo ngenxa yodlame lwasekhaya, kanti abaningi bagcina bengalufunanga usizo ngenxa yezizathu ezahlukene. Esinye isizathu esinggenza lokku kungaba ngenxa yobulili – mangenze isibonelo: abangtu besilisa bayasaba nanamuhla ukubika ukuhlukunyezwa emakhaya ngenxa yokubalekela ukuhlekwa noma ke ukungasizakali.
Kukaningi abantu besilisa bebika ukungasizakali ngezimo zokuhlukumezeka odlameni lwasekhaya.
Kumele sikuqondisise ukuba abantuu abanobudlelwano lwasekhaya (Domestic Relationship) ngandlela zonke ezibikwa yilomthetho we Domestic Violence, bonke banelungelo lokusizakala nanoma inini uma bedinga usizo. Abantu bazonaka ukuba kuqala lamacala ayefakwa eziteshini zamaphoyisa (Police Stations), kodwa manje sekwabikwa ezinkantolo ezikhethelwe wona lamacala. Uma ngabe uya kuleziNkantolo kumele ube nesiqinisekiso sokuthi lezizinkantolo neziMantshi zazo ziqeqeshelwe ukusebenza loluhlobo lwamacala ngakho ke kuzona iziMantshi abamangali bayalingana.
Kwenzekani uma usuthole lezincwadi zokuvikeleka esikhulume ngazo evikini eledlule? – uma uthola incwadi yokuqala yokuvikeleka eyesikhashana (Interim Protection Order) uyayalelwa iMantshi ukuba uyihambisa emaPhoyiseni (Police Officer) kulesisteshi osikhethile (Police Station of choice and jurisdiction) ucele ukuba bakulekelele ukunikezela ummangalelwa (Service) amaphepha okuvikeleka ukuze awasayiinde. Ngalesisikhathi unikezwa nguMantshi lencwadi kuhambisana nosuku ozobuya ngalo ngenxa yokuthi kumele kuzwakale ukuba ummangalelwa uyavuma noma uyanqaba ukuba lencwadi yenziwe ibe ngeyokugcina ekuvikela isikhathi eside okanye impilo yakho yonke.
Kusukela ngesikhathi eyisanda ummangalelwa lencwadi enikezwe ngamaphoyisa uyaxwayiswa kuyona incwadi ngezinto ekungafanele ngesinqumo seNkantolo ukuba makatholakale ezenzile kusukela ngisikathi eyininkwa lencwadi.
Uma kwenzekile, esesayindile ummangalelwa, waphambana nesinqumo seNkantolo, wenza ezinye zalezizinto ezidalulwe iNkantolo ukuba makangazenzi, ube wena njengommangali usubuyela emahhovisi eNkantolo konobhala ubike ebese ucela incwadi egunyaza ukuba makaboshwe. Omabhalane bazobe sebekubhalisa incwadi yokufinga (Affidavit) bese bekudlulisela kuMantshi ukuze kuzwakale isicelo sakho sencwadi egunyaza ukuba makaboshwe ummangalelwa.
Kuyadinga ukwazi ukuba lencwadi egunyaza ukuboshwa kukammangalelwa ayikhishwa kalula yingakho ingatholakali ngokusayindwa ngomabhalane, kepha kumele uMantshi oqondene nodaba lwesicelo lesisakho abhekisise kahle izizathu zakho aziqhathanise nokubhalwe kulencwadi yokuvikeleka nokusolwa ngukuthi ummangalelwa usepphambene nayo, ukuze azi ngokunesiqiniseko uMantshi ukuba nempela ummangalelwa kumele aboshwe ukuze abhekane necala phambi kweNkantolo.
Naku okunye okubalulekile: abantu abaningi abanalo ulwazi ngokuba kunezigaba ezimbili nezibuye zisingenise ezinhlotsheni ezimbili zezinkantolo makufika kuloluhlobo lwamacala – esokuqala isigaba nokuyisigaba sokubika singena ngaphansi kwemithetho yemindeni (Family Court)kuze kube sekunikezelweni incwadi yokugcina yokuvikeleka; esesibili isigaba singena enkantolo elwa nobugebengu neshushisa amacala abugebengu (Criminal Court). Zombili lezizinkantolo zisebenza ngezindlela ezingafani kanti futhi imiphumela yamacala akhona asetshenzwa ngezindlela ezingafani kuphinde nezinqumo zingafani. Isibonelo ngukuthi kweyokuqala uyaqwashiswa ukuba ungagangi, kepha kweyesibili uyajeziswa uma utholakele usugangile waphula umthetho, ngakhoke nabamangali kumele bakuqonde loku bangayithathi kancane imisebenzi yeziNkantolo zemindeni (Family Courts) ngoba ithiba igweme okuningi, kanye nabo abamangalelwa mabalalele baphinde bagcine imigomo yezincwadi zokuvikeleka abazinikeziwe yiziNkantolo zemindeni ngoba ukuphambana nanoma ngabe yiyiphi iNkantolo kungakufaka enkingeni yokuthi isinqumo sencwadi yokugcina (Final Protection Order) sithathwe ngaphandle kwakho ebese ukuzama ukusishintsha ucele ushwele kubenzima ngenxa yezizathu ezingezuzwakala phambi kweNkantolo.
Masihloniphe umthetho nxazonke, sipheze sikhuzeke ukuze singazitholi obishini!
Best,
____________________
Adv. Hlengiwe Mkhasibe
Senior Legal Consultant
B.M. Legal Consultants
Tel: 031 825 5485
Cell: 079 477 8051
Fax: 086 609 3568
Email: [email protected]