BM Legal Consultants

BM Legal Consultants Bandiswa-Mcebo Legal Consultancy provides the following services.

Legal Consultation Mediation & Consiliation, other forms of dispute resolution, drafting of contracts, proof reading of contracts, negotiation of deals, divorce matters and other civil,etc.

BM Legal Consultants now exclusively offers the following Services:LGRC (Legal Governance, Risk Management, Compliance) ...
07/08/2018

BM Legal Consultants now exclusively offers the following Services:
LGRC (Legal Governance, Risk Management, Compliance)
* Legal Governance
* Risk Management
* Legal Compliance
** Legal Consistency
** Legal Completeness
* Public Legal Talks
* Interpretation of Legislation and Drafting of Policies
* Drafting of Contracts
* Debt Collection
* NB: Training and Skills Development (do you contribute towards the Skills Levy?) Sasseta Accredited with National Certificate: Paralegal

NB: The above services are offered to SMME's / Corporate as well as individual clients. We are not held down by jurisdiction therefore we come where you are.
Please email us for more information as well as to receive our Company Profile and Fee Structure on: [email protected] or call us on 079 477 8051 for more information.

  The past 2 Friday's articles in Bayede Newspaper... talking Domestic Violence.
12/06/2018


The past 2 Friday's articles in Bayede Newspaper... talking Domestic Violence.


Do get yourself a copy this weekend and get to know more about Domestic Violence and your solutions. Catch us again next...
03/03/2018

Do get yourself a copy this weekend and get to know more about Domestic Violence and your solutions. Catch us again next weekend Fridays to be exact for more reading.

With kind regards
Adv. H P Mkhasibe
BM Legal Consultants

Date : 26 February 2018Our Ref : Article 9/2018Your Ref : Bayede NewspaperBayede NewspaperAtt: Mr Lindani Buthelezi and ...
26/02/2018

Date : 26 February 2018
Our Ref : Article 9/2018
Your Ref : Bayede Newspaper

Bayede Newspaper

Att: Mr Lindani Buthelezi and Mr Mtaka

Re: Umbhalo wesishiyagalombili – Adv. Hlengiwe Mkhasibe

Isihloko: Umthetho Wodlame Lwasekhaya Inombolo 116 we 1998 – Domestic Violence Act 116 of 1998

Ngeviki eledlule siqalise ngokuxoxa ngoMthetho obhekelene nodlame wlasekhaya kanye nobukhona kweziNkantolo ezisebenza ngaloluhlobo lwamacala.

Okubalulekile sikuqonde ngukuthi baningi kakhulu abantu abathintekayo nabalimalayo ngenxa yodlame lwasekhaya, kanti abaningi bagcina bengalufunanga usizo ngenxa yezizathu ezahlukene. Esinye isizathu esinggenza lokku kungaba ngenxa yobulili – mangenze isibonelo: abangtu besilisa bayasaba nanamuhla ukubika ukuhlukunyezwa emakhaya ngenxa yokubalekela ukuhlekwa noma ke ukungasizakali.
Kukaningi abantu besilisa bebika ukungasizakali ngezimo zokuhlukumezeka odlameni lwasekhaya.

Kumele sikuqondisise ukuba abantuu abanobudlelwano lwasekhaya (Domestic Relationship) ngandlela zonke ezibikwa yilomthetho we Domestic Violence, bonke banelungelo lokusizakala nanoma inini uma bedinga usizo. Abantu bazonaka ukuba kuqala lamacala ayefakwa eziteshini zamaphoyisa (Police Stations), kodwa manje sekwabikwa ezinkantolo ezikhethelwe wona lamacala. Uma ngabe uya kuleziNkantolo kumele ube nesiqinisekiso sokuthi lezizinkantolo neziMantshi zazo ziqeqeshelwe ukusebenza loluhlobo lwamacala ngakho ke kuzona iziMantshi abamangali bayalingana.

Kwenzekani uma usuthole lezincwadi zokuvikeleka esikhulume ngazo evikini eledlule? – uma uthola incwadi yokuqala yokuvikeleka eyesikhashana (Interim Protection Order) uyayalelwa iMantshi ukuba uyihambisa emaPhoyiseni (Police Officer) kulesisteshi osikhethile (Police Station of choice and jurisdiction) ucele ukuba bakulekelele ukunikezela ummangalelwa (Service) amaphepha okuvikeleka ukuze awasayiinde. Ngalesisikhathi unikezwa nguMantshi lencwadi kuhambisana nosuku ozobuya ngalo ngenxa yokuthi kumele kuzwakale ukuba ummangalelwa uyavuma noma uyanqaba ukuba lencwadi yenziwe ibe ngeyokugcina ekuvikela isikhathi eside okanye impilo yakho yonke.
Kusukela ngesikhathi eyisanda ummangalelwa lencwadi enikezwe ngamaphoyisa uyaxwayiswa kuyona incwadi ngezinto ekungafanele ngesinqumo seNkantolo ukuba makatholakale ezenzile kusukela ngisikathi eyininkwa lencwadi.

Uma kwenzekile, esesayindile ummangalelwa, waphambana nesinqumo seNkantolo, wenza ezinye zalezizinto ezidalulwe iNkantolo ukuba makangazenzi, ube wena njengommangali usubuyela emahhovisi eNkantolo konobhala ubike ebese ucela incwadi egunyaza ukuba makaboshwe. Omabhalane bazobe sebekubhalisa incwadi yokufinga (Affidavit) bese bekudlulisela kuMantshi ukuze kuzwakale isicelo sakho sencwadi egunyaza ukuba makaboshwe ummangalelwa.
Kuyadinga ukwazi ukuba lencwadi egunyaza ukuboshwa kukammangalelwa ayikhishwa kalula yingakho ingatholakali ngokusayindwa ngomabhalane, kepha kumele uMantshi oqondene nodaba lwesicelo lesisakho abhekisise kahle izizathu zakho aziqhathanise nokubhalwe kulencwadi yokuvikeleka nokusolwa ngukuthi ummangalelwa usepphambene nayo, ukuze azi ngokunesiqiniseko uMantshi ukuba nempela ummangalelwa kumele aboshwe ukuze abhekane necala phambi kweNkantolo.

Naku okunye okubalulekile: abantu abaningi abanalo ulwazi ngokuba kunezigaba ezimbili nezibuye zisingenise ezinhlotsheni ezimbili zezinkantolo makufika kuloluhlobo lwamacala – esokuqala isigaba nokuyisigaba sokubika singena ngaphansi kwemithetho yemindeni (Family Court)kuze kube sekunikezelweni incwadi yokugcina yokuvikeleka; esesibili isigaba singena enkantolo elwa nobugebengu neshushisa amacala abugebengu (Criminal Court). Zombili lezizinkantolo zisebenza ngezindlela ezingafani kanti futhi imiphumela yamacala akhona asetshenzwa ngezindlela ezingafani kuphinde nezinqumo zingafani. Isibonelo ngukuthi kweyokuqala uyaqwashiswa ukuba ungagangi, kepha kweyesibili uyajeziswa uma utholakele usugangile waphula umthetho, ngakhoke nabamangali kumele bakuqonde loku bangayithathi kancane imisebenzi yeziNkantolo zemindeni (Family Courts) ngoba ithiba igweme okuningi, kanye nabo abamangalelwa mabalalele baphinde bagcine imigomo yezincwadi zokuvikeleka abazinikeziwe yiziNkantolo zemindeni ngoba ukuphambana nanoma ngabe yiyiphi iNkantolo kungakufaka enkingeni yokuthi isinqumo sencwadi yokugcina (Final Protection Order) sithathwe ngaphandle kwakho ebese ukuzama ukusishintsha ucele ushwele kubenzima ngenxa yezizathu ezingezuzwakala phambi kweNkantolo.

Masihloniphe umthetho nxazonke, sipheze sikhuzeke ukuze singazitholi obishini!

Best,

____________________
Adv. Hlengiwe Mkhasibe
Senior Legal Consultant
B.M. Legal Consultants
Tel: 031 825 5485
Cell: 079 477 8051
Fax: 086 609 3568
Email: [email protected]

24/02/2018



19/02/2018

x Bookmark As we enter the year, the Legal Practice Amendment Act 16 of 2017 (LPAA) has been gazetted (GN 33 GG41389/18-1-2018). Published on 18 January, the amendment Act has …

Date : 16 February 2018Our Ref : Article 16/2018Your Ref : Bayede NewspaperBayede NewspaperAtt: Mr Lindani Buthelezi and...
16/02/2018

Date : 16 February 2018
Our Ref : Article 16/2018
Your Ref : Bayede Newspaper

Bayede Newspaper

Att: Mr Lindani Buthelezi and Mr Mtaka

Re: Umbhalo wesishiyagalombili – Adv. Hlengiwe Mkhasibe

Isihloko: Umthetho Wodlame Lwasekhaya Inombolo 116 we 1998 – Domestic Violence Act 116 of 1998

Kunomthetho ohlinzeka abahlukunyezwa ngokushaywa, ngenkulumo, nangocansi emakhaya abo. Lomthetho ubizwa ngoMthetho woDlame lwaseKhaya, 1998 (Umthetho. 116 ka 1998).
Udlame lwasekhaya luhlukumeza abantu abadala kanye nezingane ngokufanayo. Umhlukumezi kungenzeka kube owesilisa noma owesimame ekhaya. Lomthetho uhlinzeka zonke izinhlobo zobudlelwane, ezinjengezabantu abashadile (nalabo abashada umshado wesintu) noma abantu abangashadile kodwa behlala ndawonye;n noma abantu abanobudlelwano noma asebecelene umshado noma abahlala ndawonye endlini eyodwa abanibudlelwano obunjengomfowabo nodadewabo noma abantu abadala.

Kuvamile ukuba abantu badidanise noma baphambanise loluhlobo lomthetho ngenxa yezimo abazithoola bengaphansi kwazo. Ngakhoke kubaluleke kakhulu ukuba kugcizelelwe ukuba kumele bucace bha ubudlelwano basekhaya (domestic relationship) ukuze kukwazeke ukuba ngempela kuyilo na icala elingena ngaphansi kweNkantolo edalelwe loluhlobo lwamacala. Okunye okubalulekile ngaphambi kukushushiswa noma oukubhekeka kwalamacala, kuyindaba yokuba ikhaya lakuvele khona lelicala liyahambisana noma lisendaweni yeNkantolo lekuziwa kuyona ukubikwa icala (Jurisdiction).

Wenzenjani uma uhlukumezeka ngenye yezindlela ezishiwo ngaphezulu? – kumele ukubike emaphoyiseni ikakhulukazi uma ushayiwe walinyazwa noma kwanezinsongo, kepha umphakathi kumele ukwazi ukuba kuneNkantolo edalelwe loluhlobo lwamacala esiyibiza nge Domestic Violence Court lapho umhlukunyezwa abika khona ebese ecela incwadi yokuvikeleka (Protection Order).
Kuqikelele ke belu ukuba izinkantolo lezi azikufune mali ngaphandle uma uzokwenzelwa Ummeli wakho konke okunye, kepha ukuthi izinkantolo zimahhala akusho ukuthi kumele kuhanjiswenoma ngabe amacalal angahlangene naleNkantolo ekhathekele loku. Kumele ube nesiqiniseko njengomsolwa ukuba ubhala konke okuphathelene naloluhlobo lwamacala hhayi okunye. Kumele njengomhlukunyezwa noMmangali ukuqondisise ukuba ukubika eNkantolo ebekelwe lamacala kukunikeza maphi amalungelo nakuphi ukukhuseleka.
Uma ufaka isicelo noma ufaka lelicala kuleNkantolo usuke ucela incwadi yokuvikeleka (Protection Order), nokuyincwadi okumele imelane nokuhlukumezeka kwakho. Lencwadi uyithola uma usugcwalise amaFomu (Application Forma) okufaka lesisicelo lapho kuwona ochaza kabanzi ngezehlo ezikwenze wabona ukuthi uyahlukunyezwa.

Uma usuwagcwalisile lamaFomu akusho ukuthi ngalesosikhathi uthola lencwado yokuvikeleka, kusamele udaba ize ngalo luhlaziywe kabanzi nguMantshi osebenzela leyoNkantolo ebese ethatha isinqumo sokuthi uyayithola lencwadi kepha eyesikhashana (Interim Protection Order) noma uthola incwadi ebiza uMmangalelwa ukuba azochaza kabanzi (Notice to Show Cause) nokuyincwadi evamise ukukhishwa ngenxa yokungacaci kahle kodaba lwakho lokuhlukunyezwa okanye kwesinye isikhathi basichithe isicelo sakho (Dismissal of Application) ngexa yokungaveli nhlobo izimpawu ezidingwa yilomthetho ukuze kugcwaliseke ukuba uhlukunyezwe udlame lwasekhaya.

Okubalulekile ukuba uma usuyitholile lencwadi yesikhashana okanye yokugcina (Final / Confirmed Protection Order) kubalulekile ukuthi ucele amaphoyisa akulekelele ekumnikeni (Service) ummangalelwa incwadi.
Uyachazeleka nangokuboshwa kukammangalelwa uma engafikanga noma uma ephambane (violated) nalesisinqumo seNkantolo.
Khumbula ukuthi njengoba kunguwena ofake kesisicelo akusho ukuthi uMantshi umele wena kulelicala, kepha umele ukunizwa nobabili athathe isinqumo ngakho ke uma ubona ukuba uzohluleka ngokuchaza kabanzi ikakhulukazi kwezomthetho ngoba azilula, cela ummeli akumele noma akulekelele kuloludaba luze lufike esphethweni.

Yazi ke ukuthi iNkantolo akuyona indawo yokuhlaziya izinkinga zabathandanayo ngombangiswano ngakho ke ungasimoshi isikhathi seNkantolo okanye sikammangalelwa ngokuqamba amanga ngoba ngokwalomthetho obhalwe ngaphezulu iNkantolo igunyaziwe ukuba ikukhokhise izindleko zabammeli bakammangalelwa makuvela ngokusobala ukuba wena ubuzenzela nje ngoba ufisa ukulaya noma ukuhlukumeza omunye umuntu.

Masizondle ngolwazi njalo singaphezi. Sizobuya ngelizayo iviki siqhubeke ngayo eyoDlame lwasemakhaya.

Best,

____________________
Adv. Hlengiwe Mkhasibe
Senior Legal Consultant
B.M. Legal Consultants
Tel: 031 825 5485
Cell: 079 477 8051
Fax: 086 609 3568
Email: [email protected]

Thank you for liking our page. Please invite more friends and more interactions and more knowledge shall be imparted in ...
27/01/2018

Thank you for liking our page. Please invite more friends and more interactions and more knowledge shall be imparted in 2018. Be on the lookout. Thank you again.

Good afternoon. Our 7th article on Bayede. Do get yourself a copy every Friday. NB: this week 26 February 2018 we will h...
25/01/2018

Good afternoon. Our 7th article on Bayede. Do get yourself a copy every Friday. NB: this week 26 February 2018 we will have no article. Catch us again next week...

BM Legal Consultants now exclusively offers the following Services:LGRC (Legal Governance, Risk Management, Compliance) ...
06/01/2018

BM Legal Consultants now exclusively offers the following Services:
LGRC (Legal Governance, Risk Management, Compliance)
* Legal Governance
* Risk Management
* Legal Compliance
** Legal Consistency
** Legal Completeness
* Public Legal Talks
* Interpretation of Legislation and Drafting of Policies
* Drafting of Contracts
* Debt Collection
* NB: Training and Skills Development (do you contribute towards the Skills Levy?) Sasseta Accredited with National Certificate: Paralegal

NB: The above services are offered to SMME's / Corporate as well as individual clients. Walk ins are now welcome: 45 Harding Street Newcastle. We are not held down by jurisdiction therefore we are not Newcastle bound we come where you are.
Please email us for more information as well as to receive our Company Profile and Fee Structure on: [email protected] or call us on 079 477 8051 for more information.

Date : 04 January 2018Our Ref : Article 06/2018Your Ref : Bayede NewspaperBayede NewspaperAtt: Mr Lindani Buthelezi and ...
04/01/2018

Date : 04 January 2018
Our Ref : Article 06/2018
Your Ref : Bayede Newspaper

Bayede Newspaper

Att: Mr Lindani Buthelezi and Mr Mtaka

Re: Umbhalo wesithupha – Adv. Hlengiwe Mkhasibe

Isihloko: Indima edlalwa abantu abadala kubantwana bethu – bakhuselekile emthethweni?

Uqalile unyaka omusha! Aphelile amaholide! Bayathutha abazali bezingane bebhekise amabombo komaGoli nakoThekwini beyotohoza abanye okungatheni! Zasala izalukazi namakhehla emakhaya nabantwana abangakafakwa ezikoleni bangakhokhelwa bangathengelwa nezinsiza kufunda. Basala abantu abadala nomthwalo wabantwana abangenakudla bebe beziphilela ngotebha, kepha abazali behambe ngayo belu imali yesondlo sikaHulumeni.

Inkulu kakhulu indima edlalwa ngabantu abadala ezimpilweni zabantwana bethu sibe singekho basikhulisele bona. Umbuzo omkhulu kungukuthi bakhuseleke kangakanani ngokomthetho abantu abadala na?
Yebo umthetho wezingane (Children’s Act 38 of 2005) uyakubeka ngokusobala ukuba bayakwazi ukucela ukunikwa lama “Parental Responsibilities and Rights” ukuze bakwazi ukunakekela abantwana ngokungathandabuzi – kepha bankaki abanalolulwazi?

Iyaqhuba futhi I Children’s Act 38 of 2005 ithi abantu abadala abanakekela izingane ezineminyaka engaphansi kweminyaka engu 18 bafaka isicelo ngaphansi kuka Section 24 nokuyisicelo se Guardianship, kepha bangaki abankwazi ukufaka lezozicelo kubaMmeli babakhokhele ukuze noma bedlula emhlabeni abazali (nokuvamisile).

Kubalulekile ukuthi abazali noma ngabe bakuziphi izimo banakekekele futhi bondle abantwana babo ababashiye nabantu abadala, noma ngabe bahola imali engakanani. Kubalulekile futhi ukufundiswa kwabantu abadala ukuba akulona ihlazo ukufaka isicelo sesendlo eNkantolo yeSondlo kubazali abangabondli abantwana ukuze balekeleleke ekubakhuliseni.

Abantu abadala ngenxa yokubiza kwamanani abaMmeli bangaya kwaLegal Aid bacele usizo mayelana nesicelo seGuardianship eNkantolo yamaJaji noma bayocela izinsiza kubaMmeli abafana noPro Bono abakhona kuzozonke izinkantolo basizakale ngoba luyatholakala usizo uma ungasebenzi ungenamali.
Isidingo salezizicelo engikhuluma ngazo ngezokuthi uma abantwana kudingeka kuthathwe izinqumo ezinqala ngomntwana njengokushada engakahlanganisi iminyaka engu 18, noma makumele athathelwe I Passport ayephesheya, uma bekungaya ngulindwa koMzali okude noma umzali engasekho emhlabeni loludaba lungalungisiwe umntwana uvaleleka amathuba kanjalo.

Kuyaye uma sesifakiwe lesisicelo, iNkantolo yamaJaji idlulisele ifayela kumaHHovisi eFamily Advocate ukuze kuhlaziywe kabanzi ngenhlalakahle yomntwana kubuzwe uGogo noma no Mkhulu kanye naye umntwana imbala mayelana nenhlalakahle yakhe ukuze kwenziwe iReport ezobuyiselwa eNkantolo yamaJaji mayelana nokunikwa kukaGogo / Mkhulu umntwana ngokusemthethweni.

Okunye okubalulekile kungukuthi oGogo noMkhulu bakhuluma nobani uma bebhekana nezinkinga ekukhuliseni abazukulu babo. Impendulo enye ngukuthi bangakhuluma namaSocial Workers mayelana nabazukulu abawuhlupho. Ngikuveza loku ngoba kubalulekile nokuzoba yisihloko sendaba yephepha elilandelayo. Bayahlukumezeka abantu abadala behlukunyezwa abantwana bethu esibashiyile bengazi bazovikeleka kanjani noma baphume babhekephi ngenxa yokuthi abazali abekho noma ngokomsebenzi noma abekho ngoba sebahamba emhlabeni. Uma abazukulu behlupha ngokweba nangendelelo nangokuhlukumeza abantu abadala abahlala nabo bavikelekile emthethweni obizwa nge “Older Persons Act 13 of 2006” nokumthetho ongakasabalaliswa kahle ezweni ukuze bafundiseke abantu abadala ngamalungelo abo ekuhlukunyezweni.

Ngakhoke kungumgomo wabazali ukuzikhulisela abantwana babo, kepha uma kwenzeka abantwana bagcine bekhuliswa ngabantu abadala nabo abantu abadala bavikelekile emthethweni ngezimo zeSondlo salabobantwana kanye nokuhlukunyezwa yibona lababazukulu, ngakho ke masinakekele abantu abadala abasikhuselele nabasikhulisela abantwana bethu ngasosonke isikhathi, ngoba umgomo wethu wokubakhulisa asiphuciwe ngenxa yokusebenza kude namakhaya.

Uma ubona ukuthi umsebenzi uyakunqabela ukuba uhlale nomntwana, yenza izinhlelo ozinikeziwe ngaphansi kwe Chilldren’s Act 38 of 2005 ukuthi bakwazi ukuthatha izinqumo ngabantwana bakho abantu abadala ebese uyondla nyanga zonke.

Masiqikelele abantu abadala (Senior Citizens)!


Best,

____________________
Adv. Hlengiwe Mkhasibe
Senior Legal Consultant
B.M. Legal Consultants
Tel: 031 825 5485
Cell: 079 477 8051
Fax: 086 609 3568
Email: [email protected]

Address

Newcastle
2940

Opening Hours

Monday 08:00 - 16:30
Tuesday 08:00 - 16:30
Wednesday 08:00 - 16:30
Thursday 08:00 - 16:30
Friday 08:00 - 16:30

Telephone

0794778051

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when BM Legal Consultants posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Practice

Send a message to BM Legal Consultants:

Share