02/09/2023
Ngamthanda Ngiqala ukumazi.
Isiqephu:01
MaGubhela
°
Kusendaweni yasemakhaya esgodini sakwaKhetha Omthandayo,nali nelanga likhipha umkhovu etsheni izintombi zishaya ingoma zenyuka nayo zibheke emfuleni kwazise Phela kulendawo kusaphilwa isidala.Zihamba zihuba ingoma izintombi zathi zingafika emvuleni zafike zahlamba maqede zakha amanzi kuthe sezilungele ukuhamba kwaqhamuka abafana bebiza ingoma kwazise Phela baphuma ukuyozingela futhi babambe nokunonile injabulo uyibona ebusweni.
Awu sanbonani wey'ngane zakwethu kubingelela uZona indodana yenkosi,Wena wesilo kuvuma izintombi zikhothamela osasebukhosini.Awu kodwa mtaka mama ngaze ngazizwa ngisha ngaphakathi ngiqala nokukbona kuqhuba uZona indodana yenkosi lapho uSbahle okukhulunywa naye usebeke phansi kuhle komfazi oganile ehlonipha umnyeni wakhe.Izinsizwa ezihamba noZano zezikhuza ingoma Phela zithakasela lembali ebonwa uZano phela impela uSmangele uwusukasambe wentombi isipawupete uqobo,uphumalanga skhothe,into eshaya ngamazinyo uthotho olumhlophe qwa!.Izihlathi kuSmangele zazilibe zivakashele izindlebe kucaca khona nje ukuthi impela amagama kaZano ayayithola indawo enhlizweni kaSmangele.
Smangele asambe siye ekhaya kugxambukela uZinto ongudadewabo kaSmangele.Kuzomele sihambe kusho uSmangele ethobela indodana yenkosi,ngaphambi kokuthi uhambe ngingakuthokozela ukukwazi ukuthi ngowakwabani kusho uZano ebamba isandla saSmangele lapho izinsizwa siyayihuba ingoma kubona ngisho amantombazane ahamba noSmangele ukuthi indodana yenkosi izibonela imbali efanelwe ukutshalwa emagcekeni esilo .Ngingu Smangele Mthembu kuphendula uSmangele ekhophozela,kwathi cosololo enhlizweni kaZano wabe eseyidedela le ntokazi yahamba.
Kukhabo Smangele lapho uSmangele elungiselela ukusinda phansi wathi eqala nje ukusinda kwabe sekungena umama wakhe ongamzali ihhi.Wena Subambana nendodana yenkosi manje Wena,kubuza uMaZulu echitha ibhakede lobulongwe.Ngiyaxolisa mama kusho uSmangele ebuka unina maqede azame ukubutha ubulongwe,isaqhubeka..