09/06/2026
Uthando ngumanqoba
Isiqephu 366.
Sekuyoshaya ihora lesi shiyagalolunye uKuhle no Ayabonga bahleli estulweni baphuza itiye kuyaxoxwa kuyahlekwa.
Kuhle:Kumele ngihambe manje,Yazi ziningi kanjani izinto ekumele ngiyozenza.
Ayabonga:Uyokwenzani?
Kuhle:Kufanele ngiyoxova ujeqe ngipheke nenyama yangaphakathi.
Ayabonga:Uzopheka ukudla okumnandi yazi.
Kuhle:Qeda phela sihambe sthandwa sam.
Ayabonga:Asihambe.
Kuhle: Angishongo phela ukuthi yeka itiye lakho.
Ayabonga :Sengiqedile.
Kuhle:Ok.
Ayabonga:Sengiyoqoqa sengibuya,esho esukuma.
uAyabonga athathe ukhiye wemoto baphume baye emotweni ziye.
Sekuyoshaya ihora leshumi,uMzonjani,uZodwa,uAzovela no Mlondi bahleli kusofa,uMlondi uzxoxela no Mzonjani,uAneh uhleli ekamelwen,kufone uSphah.
Aneh:Sthandwa Sami.
Sphah:Sengifikile lakini,Ngicela ungingenise.
Aneh:Uhamba nobani?
Sphah:Ngihamba ngedwa.
Aneh:Ok ngiyeza.
Avale ifoni uSphah,aphume uAneh ekamelweni aye esangweni afice kungekho muntu anyukele emgaqweni afice imoto ya Sphah ipakile eceleni komgwaqo.
Aneh:Sawbona.
Sphah:Yebo.
Aneh:Ungayinganisa imoto.
Sphah:Kuzoba nenkinga Yini mangiyishiya la?
Aneh:Cha.
Avale iwindi uSphah aqede aphume emotweni.
Aneh:Kodwa nesingayilungisa lento baba ka Oluhle.
Sphah:(ngokucasuka)Ikangakhi ngikuncenga ngithi asikhulume ungafuni ukukhuluma nami ulokhu ungiqhenyela?
Aneh:Ikaningi Kodwa be...amngene emlomeni.
Sphah:(ediniwe)Ngicela ungiyekeke mina ngescefe,wena wahlulwa yinto eyodwa ukuthi ungitshele mawungasangifuni kunalodoti obowulokhu uwenza.
Aneh:Ngiyakuthanda Sphah Ukuthi bengisaphatheke kabi ngalento yakho yokujola no Bianca.
Sphah:(ediniwe)Into yanini leyo Aneh,angithi Ngaxolisa sadlula lapho saba right?
Aneh:Kusho ukuthi bengingakaxoli kahle.
Sphah:(ediniwe)Wabona ukuthi qoma?
Athule uAneh.
Sphah:(ediniwe)Syangen kini noma Cha?
Aneh:Siyangena.
Sphah:(ediniwe)Manje pho umeleni?
Asuke uAneh ahambe,uSphah amlandele ngemumva baze bayongena endlini enkulu,ahlale kuusofa uSphah.
Sphah:Sanibona.
Bavume endlini.
Mzonjani:Sowuze Wafika mkhwenyana,asihambeni siye ngale kurawondi.
Sphah:Yebo.
Mzonjani:Anike nifonele uThabani Kanti usehlaleleni yena manje,esho esukuma.
Afone uAzovela.
Thabani:Mafungwase.
Azovela:Yebo bhuti,Uthi ubaba angikucele.
Thabani:Ok ngiyeza manje ,sengiphumile ekhaya.
Azovela:Ok.
Avale ifoni uAzovela.
Bangene kurawondi bahlale ebhentshini,uMzonjani ahlale esigqokini sakhe,uZodwa no Azovela no Aneh bahlale ecansini.
Mzonjani:Ungahlala phezu kodaba mkhwenyana singakubambezeli.
Sphah:Kulungile baba,nginenkinga no Maka Oluhle,ngolwesthathu ngangingena ebusuku kwathi ngabo 1 ngambona e online ku Whatsapp mangimfonela nge video call angayabambi,ngifone nge voice call aybambe,mangimbuza ukuthi why engaybambi ivideo call athi Ingoba ulele,ngimyeke Ngivale ifoni ngihambe nomunye Umngani wami ngigoduke ngiye endlini ngofice kungekho muntu,kuze kushaye u half past 4 ekuseni angene.
Zodwa:(emangele)Hawu.
Mzonjani:Wawukuphi Anelisiwe?
Kungene uThabani ahlale ebhentshini abingelele bavume.
uAneh uselokhu ebheke phansi.
Mzonjani:(ngokudinwa) Awuzwa Yini wena ukuthi ngikhuluma nawe?
Aneh: Ngiyezwa baba.
Mzonjani:(ediniwe)Pho awuphenduli ngani?
Aneh:Nangiye kumngani wami.
Mzonjani:(ediniwe) Ebusuku?
Athule uAneh.
Mzonjani:(ediniwe)Uma ngabe wawuye kumngani wakho awumtshelanga ngani pho umkhwenyana?
Athule uAneh.
Sphah:(ngokucasuka) Umngani wakho owubani lowawuye kuye ebusuku?
Athule uAneh.
Sphah:((ediniwe)Kuningi okwenziwa uAneh kimi,kahle hle akasangithathi njengendoda yakhe ashade nayo , iskhathi Sami akasenaso ngisho ukudla mangingekho ngikufica kwi microwave.
Zodwa:(emangele)Kodwa Aneh wake wezwaphi kuthiwa indoda iphakelwa ingakafiki?
Athule uAneh.
Sphah:Angisayiphathike eyokumthinta,njalo mangithi ngyamdlalisa uvele abe nolaka angitshele ukuthi ukhathele yena Kodwa futh ebusuku ucofa ifoni kuze kushaye o 11.
Mlondi:(ngokucasuka)Uqomile lo,mayengafuni ukuthintwa umkhwenyana wakhe Ufuna ukuthintwa Ubani,umfazi muni ohamba ubusuku aze abuye ekuseni?
Mzonjani:(ediniwe)Uma ungafuni ukuthintwa indoda oshade nayo Ufuna ukuthintwa ubani Anelisiwe?
Aneh:(ebheke phansi)Kwesinye iskhathi ngyavuma nje angithinte Kodwa kwesinye iskhathi ngisuke ngikhathele.
Sphah:(ediniwe)Izinyanga ezimbili ziphelile mina nawe singathintani nami besengikhathele ukuhlale ngikuncenga.
Zodwa:Hawu Kodwa Aneh lento oyenzayo wawiyitshelwa Ubani,isibindi nje sokutshela umyeni wakho ukuthi ukhathele mayekudlalisa usithathaphi?
Athule uAneh.
Sphah:uAneh kudala aqala ukusebenza sihlala ndawonye wayengakaze Abe naleztayela asenazo manje,nalokukhathala asehlezi ekhala ngakho Angazi ukuthi sekuqhamukaphi ngoba lomsebenzi awenzayo akuwona nomsebenzi ofukuzisayo, ukuhlala nje ucofe I computer.
Mlondi:(ediniwe)Uqomile lo akukho kukhathala asuke ekukhathele,uma ekhathele usuke ekhathazwe yishende.
UMzonjani akasazi nokuthi athini.
Zodwa:Siyaxolisa mkhwenyana sizokhuluma naye uAneh ayiyeke Yonke lento ayenzayo.
Sphah: Anginankinga mina mkhwekazi noma angaqhubeka nomuntu wakhe lo asemtholile,ngizozama nami ukuqhubeka nempilo yami noma kungeke kubelula Kodwa ngeke ngimphoqelele uAneh ukuthi ahlale Nami noma engasathandi.
Aneh:(ngezwi elgedlezelayo)Kodwa wena Sphah uwe odale Yonke lento Kodwa manje sowuzenza umuntu omsulwa.
Sphah:(ediniwe)Yimi othe qoma?
Aneh:(ekhala)Angithi uwena obowungasanginakile ngoba sowuqonywe ikhaladi.
Sphah:(ediniwe)Into yanini leyo Aneh?
Aneh:(ekhala)Noma ngabe into yanini Kodwa ayingiphathanga kahle leyonto Kodwa ngahlala ngabekezela Kodwa uma sekuyimi sowungibizela umndeni.
Sphah:(ediniwe)Mina ngifike ngedwa lakini angifikanga namndeni ngoba ngizama ukuvikela isthunzi sakho,futhi mina ngalesaskhathi angikaze ngithi mawungithinga ngithi ngikhathele futhi Ngaxolisa kuwe ngesenzo sami wathi uyangixolela.
Thabani:Kahle hle wena Aneh uyapheya ku sbali?
Aneh:(ebheke phansi)Cha bhuti angipheyi Kodwa uSphah Uyena owaqala.
Thaban:Waqala ukuqonywa nawe Wase ubona ukuthi qoma?
Athule uAneh.
Mlindi:(ediniwe)Awunangqondo wena Aneh,njengamuphi umama owake wambona eqoma ngoba nakhu indoda iqonyiwe?
Aneh:(ediniwe)Phela Musa ukuthi anginangqondo ngoba Wonke umuntu uyawenza amaphutha.
Thabani:(ngokucasuka)Alikho nje iphutha ngokuqoma komfazi,ungazosidakelwa wena.
Athule uAneh,uAzovela usethuli engathi akekho.
Mzonjani:Manje mkhwenyana sithini isinqumo osithathayo ngesenzo salo?
Sphah:Inhloko ayihlukane nesixhanti baba,ngeke ngisakwazi ukuqhubeka ngiphile nengane yakho eseyingikhombisile ukuthi ayisangifuni.
Kuthuleke endlini.
Aneh:(ekhala)Mina angikaze ngisho ukuthi angisakufuni, singawalungisa amaphutha siqale kabusha.
Sphah:Ngeke kusalunga Aneh angifuni nje ukukukhohlisa.
Aneh:(ekhala)Kodwa mina ngakuxolela saqhubeka nomshado wethu.
Sphah:Ukube wangixolelea ngenhliziyo emhlophe ngabe awuzange uqome Aneh.
Aneh:(ekhala)Manje izingane zami?
Sphah:Ngalobola mina lakwa Duma izingane ezasekhaya.
Aneh:(ekhala) Izingane zami kshuthi sezizohlala namakhaladi nje impilo Yazo Yonke?
Sphah: Kwimanje zikuphi ngoba vele zike Cape Town.
Aneh:(ekhala)Ungamane uthathe izinkomo zakho,ngizozilanda izingane zami.
Mzonjani:(ediniwe)Konke lokho okukhulumayo bekufanele ukucabange ngaphambi kokuthi usineke namanye amadoda.
Athule uAneh angasho lutho kwehla izinyembezi kuphela.
Sphah:Sengicela ukuvalelisa, Ngyabonga kakhulu ngeskhathi eninginike sona.
Mzonjani: Kulungile mkhwenyana, isinqumo osithathayo ngeke sikuphikise, siyaxolisa ngesenzo sa Aneh,lokhu akwenzayo angikwazi ukuthi ukufundephi.
Sphah: Kulungile Mthombeni ngyabonga kakhulu,esho esukuma.
Zodwa:Kodwa mkhwenyana awusaphuzi namanzi nje,sicela ulinde kancane izingane zikwenzele ijusi.
Sphah:Cha ngyabonga mkhwekazi ngyaphuthuma,Nisale kahle.
Zodwa: Kulungile uhambe kahle.
Aphume ahambe uSphah.
Mzonjani:(ediniwe)Wena Azovela awube usakhuza nje mawubona Ingane yakwenu yenza into ebhedayo.
Mlondi: uAzovela usuke ekuphi baba uma uAneh egila lemkhuba yakhe?
Mzonjani:(ediniwe) Udadewabo nje Kanti abaxoxi Yini,ngoba Kufanele ambonise ngaso sonke iskhathi mayephambuka.
Zodwa:Kodwa Mthombeni uAzovela akangeni ndawo kuyoyonke lento eyenziwe uAneh.
Mzonjani:(ediniwe)Uyangena,angithi mudala Uye ekufanele abonise izingane indlela.
UAzovela usedinwe amehlo agcwele izinyembezi.
Thabani:Cha baba ngathi usuyaphambuka,asingenzi sengathi uAneh asimazi ukuthi uwumuntu onjani,uAneh ngeskhathi usaqhubeka la eyegcine khona, ngeskhathi ekhulelwe uNdalo wamkhomba kubani,uma esezelwe uNdalo wakhonjwa kwabani?
Azovela:(ekhala)Vele nje laykhaya ngihlezi ngizothwala amacala ka Aneh,umah Waze wangena egodini ethi mina ngonenhliziyo embi engaxoli ngoba nakhu phela kwakufanele ngijabule uAneh ejola nendoda yami,Waze waqamba amanga lo wathi uNdalo Ingane yendoda yami ebe ekhuleliswe uLubanzi.
Zodwa:Ehlisa umoya ngane yami,ni...amngene emlomeni
Azovela:(ekhala)Vele uAneh Kade aqala Ukube yiqanda laykhaya,kona yena mese kugxekwa mina,Kodwa uSnakho waqonywa Uye lo Aneh bengenza isilima ngihleli nabo endlini eyodwa ngize ngikhale kuye lo Aneh ndini ngimxoxela ukuthi indoda iyajola enze sengathi uyangizwela Kanti Uthi lala lulaza,ngazama ukuyincenga inhliziyo ngaxola Kodwa namhlanje sengimubi ngento engingayazi futhi engingahlangene nayo,esho esukuma ephuma.
Mzonjani:Azovela.
Aphume uAzovela aye endlini enkulu athathe iskhwama sakhe aphume aye emotweni yakhe ayshaye izule ebheke eMlazi.
Zodwa:Kodwa Mthombeni awukhulumanga kahle ku Azovela ngoba phela abahlali ndawonye futhi uyazazi nezinye zizinto uAzovela asedlule kuzo emshadweni wakhe Kodwa akazange awushiye unshado wakhe,kwimanje uhlala nengane yomyeni wakhe ayizala entombazaneni sebevele beshadile Kodwa namanje usahleli nomyeni wakhe futhi awukaze umuzwe umkhwenyana ka Azovela ekubikela ngo Azovela ukuthi kukhona okubi akwenzayo.
Mzonjani:Oh Ngyakuzwa ,angithi usevele wahamba nje ngingasaxolisanga.
Zodwa:Uhanjiswe ukuphatheka kabi.
Athule uMzonjani.
Thabani:Ngisahamba,ngizonibona ngolwesthathu.
Zodwa:Sowuphinda eMlazi?
Thabani:Yebo
Zodwa:Ok,ukhonze ku MaSosibo.
Thabani:Ok mah ngizokhonza,Nisale kahle.
Zodwa:Uhambe kahle.
Aphume ahambe uThabani.
Mzonjani:(ediniwe)Wena Ngicela ungihambele la,angikufuni la emzini wami,hamba uyolungisa umshado wakho.
Asukume uAneh.
Mzonjani:(ediniwe)Unempene kabi wena angikwazi wafuza bani ngoba umah wakho wayengayena unondindwa.
Athule uAneh aphume, asukume uMlondi aye endlini yakhe afice uNosihle elele ezumekile.
Sekuyoshaya ihora lesibili emini, uAzovela uyafika emzini wakhe eMlazi.
Azovela(ekhuluma yedwa)Yini lenukayo,esho eyongena endlini.
Angene endlini ezwe iphunga liqina kushunqa nentuthu iphuma ekhishini,aye ekhishini eshesha afice intuthu ivimbanisile aphume aye esgubhini sagesi afike awise ama switch.
Azovela:(ememez)Baba Ka Sbonga.
Kuthuleke endlini.
Aqonde ekamelweni afike kungekhomuntu.
Azovela:(ememeza)Haybo kuyiqephi Kanti laykhaya,esho ephinda ekhishini avule iwindi,nomyango wasekhishini ekhwehlela ehilwa intuthu.
Kuqhamuke uKuhle esendiza.
Kuhle:(ethukile)Hawe mah eish,esho eqonda estofini esicima aqede asuke eshesha esekhwehlela.
Azovela: Kwenzekeni Kuhle?
Kuhle:(ngezwi elgedlezelayo)Kade ngiphekile ujeqe nenyama yangaphakathi ngazumeka,esho ekhwehlela.
Azovela:(ekhwehlela)Asphume layndlini ngeke sizofa phela.
Baphume uKuhle esekhala.
Azovela:Kwenzekeni?
Kuhle:(ekhala) Ngyaxolisa sisi ,ngizumekile.
Azovela:Kodwa Kuhle ulala kanjani uphekile?
Kuhle:(ekhala)Bengithi ngiyacambalala Kanti Ngizovele ngizumeke.
Azovela:Uyobana Kodwa ucishe Usha nendlu?
Kuhle:(ekhala)Ngyaxolisa sisi.
Azovela:Ay ,Yazi kucishe kwenzeka inhlekelele phela, Yabonake lento yakho yokulibala o TikTok ebusuku ungalali buka nje manje kucishe kwenzakalani.
Athule uKuhle angasho lutho.
Azovela:Obaba ka Sbonga bayephi?
Kuhle:(ngezwi elgedlezelayo)Angazi ukuthi bayephi.
Ayothatha ifoni uAzovela afonele uSnakho.
Snakho:Ya babe.
Azovela:Unjani?
Snakho: Ngyaphila sthandwa Sami wena unjani?
Azovela: Ngyaphila,nikuphi?
Snakho:Sike Pavilion , sowubuyile yini wabuza ukuthi sikuphi?
Azovela:Yebo sengibuyile,ngifika manje.
Snakho:Oh ok, sisazulile nabafana.
Azovela: Alright.
Snakho: Ngizokubona sesbuyileke.
Azovela:Nisphathele nathi izidlo ningaztiki nodwa.
Snakho:Ok,esho ehleka.
Avale ifoni uAzovela.
Azovela:Ubaba ka Sbonga angfuni ayibone yonke lento eyenzeke layndlini.
Kuhle:(ngezwi elgedlezelayo)Ngizowasasha amabhodwe.
Azovela:Mawubheka asazowasheka nje abuyele esinweni?
Kuhle:(ngezwi elgedlezelayo)Ngizozama sisi ukuwawasha.
Azovela:Sizobona.
Kukhale ifoni ya Azovela kufona uMzonjani.
Azovela:Yebo baba.
Mzonjani:Usufikile eThekwini?
Azovela:Yebo sengifikile.
Mzonjani:Uhambe kahle Kodwa mntanami?
Azovela:Yebo ngihambe kahle.
Mzonjani: Kuhleke,Uyaphila umkhwenyana nabazukulu?
Azovela:Yebo.
Mzonjani: Kungconoke,Uyaphila nodadewenu?
Azovela:Yebo Uyaphila.
Mzonjani:Ok,uzobakhona ngempelasonto ezayo emapikini engane ka Kwanda?
Azovela:Angazi ngizobona u petrol ukuthi uyahlangana yini ngoba ngizobe ngingakaholi.
Mzonjani:Ok,kshuthi uma ungafikanga sesiyokubona ngomemulo ka Kuhle.
Azovela:Yebo.
Mzonjani:Kulungile mntanami niphile.
Azovela:Yebo.
Avale ifoni uMzonjana.
Azovela:Uyazincengela.
Kuhle: Sisi?
Azovela:Angisho lutho.
Athule uKuhle angasho lutho.
Azovela:Kshuthi sesizovele apheke I rice ne chicken into ezoshesha.
Kuhle:Ok.
Azovela: Mhlampe seyingcono manje intuthu asiyobona ukuthi kuyalungiseka Yini.
Bangene endlini.
Azovela:Layndlini akukaze nje kushanelwe lokhu kusile ,le ntro ekusofa beyinbethwe ebusuku kwashiywa kanjalo.
Athule uKuhle.
Azovela:Nalo odle u pop corn washiya kanje ,esho ethatha isintsha esino pop corn phezu kwe coffee table ayofaka ku sink onezitsha ezingcolile.
Kuhle:Lamabhodwe ngathi ngeke asalunga ,zishile izitsha zajeqe.
Azovela:Ey Yazi kungcono ukube uvele wawupheka ku oven Ukube bowazi.
Athule uKuhle.
Azovela:Hhay ngeke njeisalunga leli izitsha zishe zanamathela kanje ,kwajeqe ngeke usasho kwakuthi bekuwujeqe lo.
Avule ekade liinenyama.
Azovela:Nc aybandla.
Athule uKuhle.
Sekuyoshaya ihora lesihlanu ntambama,uSphah uhleli kusofa amehlo asebomvu elokhu echiphiza ethatha ebeka ngenhliziyo,kufone uAneh
Sphah:Yebo.
Aneh:(ekhala)Ngicela ukufika lapho sikhulume.
Sphah:Ok.
Avale ifoni uAneh,emva kwemizuzu emihlanu angene.
Aneh:(ekhala)Ngyazi myeni wami ukuthi ngikuphoxile kakhulu Kodwa Ngiyakucela ungixoxele,esho eguqe phambi kwakhe
Sphah:Usumbathe kangakhi naye?
Aneh:(ekhala)Ngicela sidlule kulokho bandla Sphah siqale kabusha.
Sphah:Kshuthi Ikaningi?
Anikine ikhanda uAneh.
Sphah:Kodwa Aneh uyabazi ubuhlungu ongizwisa bona ,esho izinyembezi zigcwala amehlo.
Aneh:(ekhala)Ngiyazi sthandwa Sami Kodwa Ngicela ungixoxele.
Sphah:(ebibitheka)Ngeke kusalunga Aneh ngyaxolisa.
Aneh:(ekhala)Ngiyakucela Sphah.
Aninike ikhanda uSphah kwehla izinyembezi.
Aneh:(ekhala)Manje kuzokwenzakalani ngendlu?
Sphah(Ngezwi elgedlezelayo)Indlu eyezingane ,wena Ungahlala okweskhashana Ube usafuna indawo yokuhlala.
Aneh:(ekhala)Kodwa sthandwa sami isangalunga lento.
Sphah:(ngezwi elgedlezelayo)Ngeke isalunga sthandwa sami,esho esula izinyembezi.
Sekuyoshaya ihora lesi shiyagalombili ebusuku uOwami no Afezekile bake kamelweni la Owami bacofa amafoni abo,uOwami uzxoxela no Kwanda ku Whatsapp.
Afezekile:USbani owakuboka Kwanda?
Owami:Yebo.
Afezekile:Ok.
Owami: Ngeskhathi ngixoxa no Kwanda ngikubonile nihambanaye ,Kade ethini Yaz bengithi ngizokbuza
Afezekile:Kade engibuza igama lami Wase wathi ucela ngimnike inamba yami,Nangu esengi Whatsapp.
Owami:Umnikeleni wena inamba yakho?
Afezekile:Uthe Ufuna sibe abangani.
Owami:Unamanga Ufuna ukukushela ngicela umblocke.
Afezekile:Ok ngizomblocka.
Owami:uSbani ngimbonile nje indlela ekade ekubuka ngayo.
Athule uAfezekile.
Owami:Mina angifuni ukuthi iphutha engilenzile nawe ulenze, kwimanje ngihleli angifundi m ontanga bami bayafunda no Kwanda uyafunda mina ngahlala ngoba ngikhulelwe kwaleyongane ayiphilanga,lonyaka nje Kimi ufana nonyaka ofile.
Afezekile: Ngyakuzwa.
Sekuyoshaya ihora lesi shiyagalolunye, uSnakho no Azovela balele bayazxoxela.
Azovela o:Anisamtsheli ngani Kodwa uKuhle manihamba baba ka Sbonga?
Snakho:Ubekuphi uKuhle ngoba size sahamba engekho layndlini.
Azovela:Ubekuphi?
Snakho:Sowungezwa ngayeke ukuthi ubekuphi ngoba akalalanga layndlini ,size sahamba layndlini ngabo 10 eksen engekho.
Azovela:Angizwanga?
Snakho:Ungizwile.
Avuke uAzovela agqoke I gown aqede aphume ekamelweni aye kongqongqoza ekamelweni la Kuhle.
Kuhle:Yebo.
Azovela: Ngicela uvule.
Kuhle:Akukhiyiwe sisi.
Angene uAzovela akhanyise ugesi aqede akhiye awufake ekhukhwin le gown.
Azovela:(ediniwe)Ubukuphi izolo ebusuku?
Ashaywe uvalo uKuhle.
Kuhle:Be..be ...Kade ngilayndlini sisi ngisheshe ngalala.
Azovela:(ediniwe)Ngibuza Okokugcina Kuhle,Ubukuphi izolo ebusuku?
Athule uKuhle.
Azovela:(ediniwe)Uze ucishe umuzi wakwa Khanyile nje kanti bowunobuthongo bokungalali ngoba bowuyojola.
Athule uKuhle.
Azovela:(ediniwe)Kanti Nina why ningiphule umoya kanje ,omunye wahlala la wajika wabona indoda kumyeni wami ,wena manje sowucisje washisa umuzi ,kwimanje ekhishini kusanuka ukusha okuhlula ngisho I lovender ngenxa yakho Kodwa ngakuvikela ku Snakho ngathi Yimi oshise ukudla ngoba ubelizwa iphunga kungasekho nokuphika.
Athule uKuhle eselokhu echiphiza.
Azovela:(ediniwe)Uyazazi Kuhle ukuthi Ufunani ngempilo yakho?
Kuhle:(ekhala)Ngiyazi sisi
Azovela:(ediniwe)Ubona ukuthi uzokwenzelani umfana wakwa Mhlongo?
Athule uKuhle angasho lutho.
Azovela:(ediniwe)Usukwazi ukulala ubusuku bonke kamfana kuze kuphume ilanga ungabuyile Kuhle.
Athule uKuhle.
Azovela:(ediniwe)Yazi Nina nino Aneh nizomisela ubaba ngenhliziyo ,kusele amaviki amabili wena wenzelwe umemulo Kodwa wena uyehla uyenyuka nje nalomfana wakwa Mhlongo awazi nanyaka.
Athule uKuhle angasho lutho.
Azovela:(ediniwe)Bowuyokwenzani kamfana Kuhle?
Athule uKuhle
Azovela:(ediniwe)Mawubona ubaba ka Sbonga uzibonela upopayi nje wen.
Kuhle:(ngezwi elgedlezelayo)Cha sisi.
Azovela:Pho isibindi sokphuma uhambe ekhona layndlini ubusuku bonke kuze kuse uphume ilanga usithathaphi?
Athule uKuhle.
Azovela:(ediniwe)Yabona wena namhlanje mangingaku shayanga kuyobe ngiyakududa,esho eqonda ku wardrobe.
Athi uvula umnyango uKuhle afice kukhiyiwe.
Kuhle:(ekhala) Ngyaxolisa sisi ngeke ngiphinde.
Akhiphe I coat hanger eliyi plastic uAzovela.
Kuhle:(ekhala) Kodwa sisi asenzanga lutho,ngisayintombi mina noma ungangihlola manje.
Azovela:(ediniwe)Noma ngabe nenzile anginamsebenzi noma ngabe ukhulelwe angingeni ndawo mina uzobe ungazaleli mina,into engikushayela yona ilodoti owenze ekhishini,esho emvathela.
Kuhle:(ekhala)Ashu sisi libuhlungu I coat hanger.
Azovela:(ediniwe)Ungijwayela kabi wena,ngichitha imali yami ngilungiselela umcimbi wakho ukuthi ubemuhle Kodwa wena iyona ndlela obonga ngayo le,esho embhaxa.
Kuhle:(ekhala)Kodwa sisi mina angenzanga lutho no Ayabonga.
Azovela:(ediniwe)Angiyona Ingane mina ,Ufike wahlala nje wabuka I TV kwaze kwasa?
Kuhle:(ekhala)Ngyaxolisa sisi ngeke ngisaphinde ngiye.
Ambhaxabule uAzovela aze akhathale.
Azovela:(ediniwe)Uphapha kabi wena ,Angazi ukuthi ubani okutshele ukuthi Usayintombi enkulu,esho enxapha ephuma.
Asale ezthulisa uKuhle.
This website uses cookies to give you the best online experience. By using our website you agree to our use of cookies. I accept