Zulu poem

Zulu poem Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Zulu poem, Legal, eGesin, Durban.

07/01/2024

YIMINA LOWO

Yimina lowo omedlule endleleni ekhangezile
Enxusa ebabaza amagalelo ephango,
Iso seliphenduke isibuko ngenxa yezinyembezi,
Izindebe zomlomo zomile ziphaphathekile.
Wangibheka kanye wathalalisa waya phambili
Emzini wesihe sakho wavala isango.

Yimina lowo ofike kuwe enikizela eze
Wamncisha isidwedwe sokuzemboza ihlazo
Wamchitha wathi unezintwala kanye nephunga elibi.
Wahamba ekhokhoba ezibona eyize leze
Zefanele ukulahlwa nomlilo njengababi
Ziphuphume izinyembezi echibini lazo lezindlela.

Yimina lowo omkhance njengengcanga engena kwakho
Wethusa ngokuqaqa amabhova kuzibopho
Nawo abhavumula egxuma ephakama elangaza,
Elabalela ukumubenga njengeyezoso
Izinyembezi emehlweni awo sezigeleza
Bengingephikelele, ngibheke kul'isango.

Yimina lowo othe kuthangi esengene endlini,
Isisu siklukluza sibhonga njengengonyama,
Wazibika isimgabhile inkengane.
Amanzi aluhlaza umnchishile awuphuzisanga.
Umchaphe ngokuthi unephunga uvimbanisile
Wachachaza ngo Cha wamkhakhabisa wamuchitha.

Inja yakho ibisuthi yenebe icambalele
Isitsha sayo sinophuthu sinamaqatha
Ngifise ukuyiphanga ngiphebeze iphango.
Ngezandla ngicindezele isisu ngikhonkobele
Kulolosizi ngiphenduke ngaqonda isango
Phambi kwalo ngawa,Amandla esephelile.

Ziyovaleka lezizindlela engizigangadayo
Inhliziyo yami isizitika ngoJu nangeWayini.
Ayovuleka amasango omuzi waphakade
Bes'ufika kimi ngikulandise ngalez'izindaba
Ngikulandise konke phambi kwami usumile
Ngithi Yimina Lowo, uyothi wawungazi.

Ngolunye usuku, usuku olungaziwa muntu
Lapho sesidibana ihlandla lokugcina,
Singasesiyo inyama negazi namathambo,
Sesichaza ngezigameko zethu sisekoBantu
Uyophika, uthi awungazi. Ngiyothi: Yimina Lowo.
Umuntu owenza kuye lokho, Yimna.

29/01/2023

Follow 4 Follow
πŸ’πŸ’œπŸ’™πŸ’˜

27/12/2022

Ufike ufise ukuthi uzongena kamnandii onyakeni kufike isitha sakho sicikelele phansi πŸ€¦πŸ™

Kanti senzenii engaka empilweni kwadalwa izitha πŸ™πŸ™πŸ₯Ί

27/12/2022

Merry Christmas πŸ”₯πŸ”₯πŸ₯°πŸ₯°and Happy New year

16/09/2022

Love all but don't trust them all

Address

EGesin
Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zulu poem posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category