20/03/2023
Umuntu onabantu abadala ubanesthunzi , akakhulumi kakhulu , uvamise ukuzithulela , uyashesha ukudikibala , akazwani nomsindo , ubanolaka akhulumele phezulu uma esecasukile , unamandla futhi uyalwa , unesibindi , akanqeni ukuvele anyamalale Kade nihleli naye engavalelisanga , uhlakaniphile , uvamise ukubanekhono lokuzenzela izinto ngezandla zakhe noma ukucula ukudansa , ubanezinyembezi eziseduze , kungathi ubanamalimu Uma esedinwe kakhulu , Uma esebenza into akayenzayo uyiqeda manje , akafuni ukutshelwa ufuna ukuzenzela , akazwani nezitayela nobukhazikhazi , ufuna into eqondile ecacile , akanqeni ukuvele angakukhulumisi nje ungenzile lutho avele akucasukele nje esthubeni ,,, ngyama la🙏❤️🙌 kwande bomkhulu nogogo❤️❤️🔥